Lokhu okushiwo lapha akuqondiwe ukuba kube ulwazi oluphelele ngezincwadi zokwaba ifa. Incwadi yefa incwadi ekhethekile, esincoma ukuba ibhalwe ngumuntu onolwazi njengommeli, inkampani ebunjwe ukuba iphathe ifa Trust Company nabanye. Lolulwazi kuqondwe ngalo ukuba lwazise umfundi ngezinye izisekelo zencwadi yokwaba ifa.
Bonke abantu abaneminyaka eyi-16 noma ngaphezulu, ngaphandle uma ngesikhathi enza incwadi yefa ebegula ngengqondo engakwazi akwenzayo. (umuntu owenza incwadi yefa ubizwa ngoMabiwefa noma phecelezi nge- testator - ongowesilisa noma i-testatrix - owesifazane).
Bonke abantu abaneminyaka eyi-14 noma ngaphezulu, okuyothi ngesikhathi beba ngofakazi bencwadi yokwaba ifa, babe futhi bengakwazi ukunika ubufakazi enkantolo yomthetho.
Kusukela ngomhlaka 1 ku-Masingana (January) ngonyaka ka 1954, incwadi yefa kufanele ibe ngebhaliwe. Ingabhalwa ngesandla noma ngomshini noma ngekhompuyutha bese iyakhiqizwa.
Umabiwefa kufanele asayide incwadi yokwaba ifa ekugcineni noma ekupheleni kwayo.
Uma incwadi yokwaba ifa inamakhasi amaningi kufanele uMabiwefa asayide lelo nalelo khasi noma ikuphi ngaphandle kwekhasi lokugcina (Nakuba umabiwefa kufanele asayide wonke amakhasi ofakazi bona kumele basayide ikhasi lokugcina futhi basayide ekupheleni kombhalo).
Isikhonzi senkantolo esifungisayo kufanele siqinisekise ukuthi sanelisekile ukuthi ngubani umabiwefa nokuthi incwadi yefa esayidwe kanjalo ngeyakhe umabiwefa.
Isikhonzi senkantolo esifungisayo kufanele sisayide isitifiketi kanye nalelo nalelo khasi lencwadi yokwaba ifa noma ikuphi ekhasini.
Isikhonzi senkantolo esifungisayo kufanele sibe khona uma incwadi yokwaba ifa isayidwa futhi kufanele anamathelise isitifiketi sakhe ngokushesha ngemuva kokusayidwa kwencwadi yokwaba ifa ngisho ngabe umabiwefa efa ngokushesha ngemuva kokusayida.
Isijobelelo ishedulu noma incwanjana exhunyelwe encwadini yokwaba ifa evele isikhona, eyenzelwe ukwenezezela noma ukuchibiyela incwadi yefa. Isijobelelo kufanele sihambisane nazo zonke izidingo zencwadi yokwaba ifa. Isijobelelo akudingekile ukuthi sisayidwe ngofakazi okuyibona abasayida incwadi yefa.
Izichibiyelo ezenziwa encwadini yokwaba ifa zingenziwa ngesikhathi uyenza noma ngemuva kokuba seyenziwe. Izichibiyelo zencwadi yokwaba ifa kufanele zihambisane nezidingo zokwenza incwadi yokwaba ifa futhi uma ungakwazi ukusayida , kufanele futhi zihambisane nezidingo ezibhalwe ngaphansi kwaleso sihloko. Uma uchibiyela incwadi yokwaba ifa akudingekile ukuthi ofakazi abasayida incwadi yokwaba ifa yakho yokuqala basayide izichibiyelo.
Isipho noma isabelo osabele oshadiweyo wakho encwadini yakho yokwaba ifa , owasaba ngaphambi kokuhlukaniswa komshado wakho siyoqhubeka njengoba sinjalo ngisho ngemuva kokwahlukanisa.
UMthetho ngeziNcwadi yokwaba Ifa uthi ngaphandle uma ubuye washo okunye ngokubhaliwe isipho osinike oshadiweyo wakho osewehlukanisile naye siyothathwa njengesiguquliwe uma ufa ezinyangeni ezintathu kusukela osukwini owahlukanise ngalo.
Lesi sigaba somthetho sinika umuntu owehlukanisile isikhathi esiyizinyanga ezintathu ukuba achibiyele incwadi yakhe yokwaba ifa ngemuva kobuhlungu bokwahlukanisa. Uma kodwa wehluleka ukwenza lokhu, lowo osuwehlukanisile naye uyonikwa leso sipho njengoba kushiwo encwadini yokwaba ifa.
Umuntu noma umkhwenyana noma umkakhe obhala incwadi yefa noma ingxenye yayo ebhalela uMabiwefa.
Umuntu noma umkhenyana noma omkakhe osayida incwadi yokwaba ifa ngokuthunywa umabiwefa noma njengofakazi.
Xhumama nommeli wakho ukuze uthole ulwazi olwengeziwe.
